Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 30:23 - IsiZulu 2020

23 Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 30:23
12 Referans Kwoze  

Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.


Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakumlandela njengokuba bengenakubalwa nababephambi kwakhe.


Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.


Ngakho-ke konke kuyafana, yingakho ngithi: ‘Ubhubhisa omsulwa nesikhohlakali.’


Lapho abancane nabakhulu befana; isigqila sikhululekile kumniniso.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke, nokho uyangibhubhisa.


“Bhekani, namuhla sengizokufa; niyazi ezinhliziyweni nasemiphefumulweni yenu nonke ukuthi akukho nokukodwa okwaphuthayo kwangaphumelela kulokho uSimakade uNkulunkulu wenu akwethembisa mayelana nani; konke kwaphumelela, akukho nakunye okwaphutha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite