Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 30:1 - IsiZulu 2020

1 “Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha manje, abancane kunami bayangiklolodela, oyise babo engangibadelela ukuhlala nezinja zomhlambi wami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 30:1
17 Referans Kwoze  

Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.


Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.”


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami.


Wasuka lapho wenyukela eBhethele. Esendleleni, kwaphuma abafana emzini, bamgcona, bathi: “Yenyuka mpandla ndini! Yenyuka mpandla ndini!”


Omunye wabo, umphrofethi wakubo, wathi: “AbaseKhrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, neziminzi ezivilaphayo.”


Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.


Esinye sezelelesi esasiphanyekiwe, samhlambalaza sathi: “Wena awusiye yini uKhristu na? Zisindise kanye nathi.”


Kepha bamemeza ngazwi linye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBharabha.”


wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo.


Abanye baqala ukumkhafulela ngamathe, nokumgubuzela ubuso nokumshaya, bethi kuye: “Phrofetha.” Nezikhonzi zamthatha, zammukula.


Abantu bayocindezelana; yilowo nalowo acindezele omunye, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe; izingane ziyokwedelela abadala, nabantukazana badelele izikhulu.


Ngingazuzani emandleni ezandla zabo, njengoba sebentekenteke na?


Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite