Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 3:13 - IsiZulu 2020

13 Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba manje ngabe ngilele ngithule, ngabe ngilele; ukube ngangizolile ngaleso sikhathi,

Gade chapit la Kopi




UJobe 3:13
22 Referans Kwoze  

Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


“Omunye ufa esemi kahle kukho konke, ezinzile, enokuthula.


Ziphetha imihla yazo ngokuhle, zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.


Ngiyakumbona mina uqobo lwami, amehlo ami ayakumbona, hhayi njengomfokazi, umphefumulo wami uqhilika injabulo uma ngicabanga ngalokho.


Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,


izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama, lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ”


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Amadolo angemukelelani, namabele ukuba ngincele na?


ngaphambi kokuba ngihambe, ngingaphinde ngibuye, ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,


Uyamehlula kuze kube phakade, ahambe, uyabuguqula ubuso bakhe, umhambise.


Ngokuba sekusele iminyaka embalwa, ngithathe indlela engingenakubuya kuyo.”


Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.


Bayolala phansi othulini kanyekanye, izimpethu zibemboze.


Isomiso nokushisa kuyawomisa amanzi eqhwa; yenza kanjalo-ke nendawo yabafileyo kulabo abonileyo.


Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.


“Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi, nakho konke okuhlala kuwo.


Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha.


Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.


Abalali yini namabutho angasokile asebulewe, ehlela endaweni yabafileyo nezikhali zawo zempi, nezinkemba zawo ezabekwa phansi kwamakhanda awo na? Isijeziso sokona kwawo sasisemathanjeni awo, nakuba ukwesatshwa kwamabutho kwakusezweni labaphilayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite