Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 29:3 - IsiZulu 2020

3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 lapho isibane sakhe sikhanyisa ekhanda lami, nalapho ngidabula ebumnyameni ngokukhanya kwakhe;

Gade chapit la Kopi




UJobe 29:3
19 Referans Kwoze  

USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso, nesibani saso siyacima phezu kwaso.


Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Uyakunquma ukwenza okuthile, kwenzeke, ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.


Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini; nobumnyama buyofana nokusa nje.


Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa, nesibani sezikhohlakali siyakucima.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha, kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


“Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali sicinywa khona, zehlelwe yinhlekelele, zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?


Ngokuba ngawe ngingahlasela impi, ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange.


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite