Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 29:16 - IsiZulu 2020

16 Ngaba nguyise wabantulayo, ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Nganginguyise kwabampofu, futhi indaba engangingayazi ngangiyiphenya.

Gade chapit la Kopi




UJobe 29:16
19 Referans Kwoze  

Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu, kodwa omubi akaqondi lutho.


Kuludumo kuNkulunkulu ukusibekela izinto, kodwa kuludumo lwamakhosi ukuphenyisisa udaba.


UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.


ngokuba kusukela ebusheni bami ngayikhusela intandane njengoyise, kwasesiswini sikamame ngingumholi wabafelokazi,


Basusa abantulayo emgwaqweni, bonke abampofu bomhlaba bayacasha ndawonye.


Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe.


Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,


uyohlola, uphenyisise, ubuzisise. Bheka, uma kuyiqiniso ukuthi leso sinengiso senziwe phakathi kwenu,


Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Yebo, ubafundisile abaningi, waqinisa izandla ezintekenteke.


ngimembathise ingubo yakho, ngimqinise ngebhande; ngiyakumnika esandleni amandla akho, abe nguyise wabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.


Esewezwile amazwi akhulunywe ngumkakhe, ethi: “Ingiphathe kanjalo inceku yakho,” wathukuthela wagana unwabu.


Inkosi yayisithi kowesifazane: “Phindela endlini yakho; ngizothumela umyalezo mayelana nawe.”


Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?


Uma abendlu yami bethi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama etafuleni likaJobe na?’


Abafokazi abalalanga emgwaqweni, ngayivula iminyango yami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite