Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 29:13 - IsiZulu 2020

13 Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi, ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Isibusiso sobesabhubha sehlela phezu kwami, ngenza inhliziyo yomfelokazi ijabule.

Gade chapit la Kopi




UJobe 29:13
16 Referans Kwoze  

Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.


Ngalolo lusuku kuyobethwa icilongo elikhulu, labo ababedukele e-Asiriya nalabo ababexoshwe eGibhithe, bayofika badumise uSimakade entabeni engcwele eJerusalema.


Uxoshe abafelokazi bengenalutho, wafihliza izingalo zezintandane.


bhekani, izinceku zami ziyakumemeza ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakukhala ngokudabuka kwenhliziyo yenu, nilile ngobuhlungu emphefumulweni.


Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


kepha uyakukubuyisela impela kuye okuyisibambiso ekushoneni kwelanga, ukuze alale ngengubo yakhe, akubusise. Lokho kuyokuba ukulunga kuwe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


Abantu bayamqalekisa oncishana ngokudla, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngakho.


UNawomi wathi kumalokazana wakwakhe: “USimakade makambusise lowo muntu ongakaze ayeke ukubenzela umusa abaphilayo nabafileyo.” UNawomi wayeseqhubeka ethi kuRuthi: “Leyo ndoda iyisihlobo sethu esisondele; ingomunye wabahlengi bethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite