Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 27:9 - IsiZulu 2020

9 UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe lapho usizi luphezu kwakhe?

Gade chapit la Kopi




UJobe 27:9
19 Referans Kwoze  

Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,


Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayukungizwa iNkosi.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.


Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Ekwehlulelweni kwakhe makalahlwe yicala, umkhuleko wakhe mawube yisono.


Nabuya, nakhala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade akalilalelanga izwi lokukhala kwenu.


Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela,


Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite