Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 27:23 - IsiZulu 2020

23 Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Abantu bayakumshayela ihlombe, bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Amadoda ayomshayelela izandla amshaye ikhwelo asuke endaweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 27:23
15 Referans Kwoze  

Bonke abedlula ngakuwe, bashaya izandla, bethi: “Ashila!” Bayakunximfela, benikina amakhanda, ndodakazi Jerusalema, bathi: “Ngabe yiwo yini lo muzi ababewubiza ngokuthi ungubuhle obupheleleyo, nentokozo yomhlaba wonke na?”


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Akasayukubuyela endlini yakhe, indawo yakhe ayisayukumazi.


Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa, axoshwe njengombono wasebusuku.


“Impela ikhona imayini yesiliva, nendawo okucwengwa kuyo igolide.


Uyenezelela ukuhlubuka esonweni sakhe, ushaya izandla phakathi kwethu, akhulume amazwi amaningi kuNkulunkulu.”


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,


Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite