Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 26:12 - IsiZulu 2020

12 Unyakazise ulwandle ngamandla akhe; ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uyadabula ulwandle ngamandla akhe, nangokuqonda kwakhe uyahlula abazidlayo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 26:12
16 Referans Kwoze  

NginguSimakade uNkulunkulu wakho, onyakazisa ulwandle, amagagasi alo ahlokome; nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.


Usho kanje uSimakade obeka ilanga ukuba likhanyise emini, nezikhathi ezimisiwe zenyanga nezezinkanyezi, ukuba zikhanyise ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo; nguSimakade Wamabandla igama lakhe, uthi:


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.


“UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe; bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


NguWena owehlukanisa ulwandle ngamandla akho, waphohloza amakhanda ezilo zasemanzini ezesabekayo.


USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.


Izinsika zezulu ziyathuthumela, zethuswa ngukukhuza kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite