Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:4 - IsiZulu 2020

4 Basusa abantulayo emgwaqweni, bonke abampofu bomhlaba bayacasha ndawonye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bafuzula abaswelayo endleleni; abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Baphambukisa abampofu endleleni; abampofu bomhlaba bacasha kanyekanye.

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:4
22 Referans Kwoze  

Lapho izikhohlakali zivuka abantu bayacasha, kepha ngokubhubha kwazo abalungileyo bayanda.


Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.


Umbulali uvuka ngovivi, abulale ompofu nontulayo; ebusuku ufana nesela.


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, babaphathe kabi abampofu nabantulayo, babacindezele abafokazi ngokungenabulungiswa.


Uyise, ngokuba yena waba yiqola, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungalungile phakathi kwabantu bakubo; uyakufa ngenxa yokona kwakhe.


icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,


ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.


Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.


Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.


Ocindezela ompofu ukuze azicebise yena, nopha ocebileyo, kuholela ebuphofini.


Kungoba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kodwa ezingela umuntu owentulayo, ompofu nodabukileyo enhliziyweni, ukuba ababulale.


Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.


“Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,


Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?


ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo, nezintandane ezingenamsizi.


Ngaba nguyise wabantulayo, ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.


uma ngibona obhubhayo ngenxa yokweswela isembatho, noma ontulayo engenakho okokwembatha,


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite