Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:23 - IsiZulu 2020

23 Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Noma ephiwa ukuba alondeke, aphumule kukho; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:23
25 Referans Kwoze  

Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.


USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.


Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


Amathende abaphangi anokuthula, abachukuluza uNkulunkulu balondekile, labo abaletha onkulunkulu babo ngezandla zabo.


Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?


Unawo yini amehlo enyama na? Uyabona yini njengabantu na?


Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?


“Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.


Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.


Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite