Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:13 - IsiZulu 2020

13 “Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya; abazi indlela yakho, abanamatheli emikhondweni yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bangabahlubuki ekukhanyeni; abazazi izindlela zakhe futhi abahlali emikhondweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:13
26 Referans Kwoze  

Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.


Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, ukuze bangaboni ngamehlo abo, bangaqondi ngenhliziyo yabo, funa baphenduke, ngibaphilise.”


UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Ngakho-ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye, wathi: “Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo,


Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.


Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.


Umbulali uvuka ngovivi, abulale ompofu nontulayo; ebusuku ufana nesela.


Uvuke phakathi kwamabili wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho isalele. Ube esembeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.


Ngobumnyama bagqekeza imizi, emini bazivalele, abakwazi ukukhanya.


ukuze ibambe amagumbi omhlaba, izikhohlakali zivuthululwe kuwo na?


Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite