Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:12 - IsiZulu 2020

12 Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Abantu bayabubula besemzini, nomphefumulo wabalimeleyo uyakhala;

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:12
23 Referans Kwoze  

Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe.


Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”


Nimkhathazile uSimakade ngamazwi enu. Bese nithi: “Simkhathaze ngani na?” Ngokukhuluma kwenu nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaSimakade; Yena uyathokoza ngabo,” noma nithi: “Uphi uNkulunkulu wobulungiswa na?”


“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.


Ngokuba ngingompofu nontulayo, inhliziyo yami ilimele.


Bahlukumeze labo obashayile, bakhuluma ngobuhlungu babalinyaziweyo bakho.


Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma, uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.


Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka.


ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.


Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali, uyabumboza ubuso babehluleli bawo, uma kungesiye, pho ngubani na?


Bakhama amafutha phakathi kwezingange, banyathela izikhamo zewayini, kepha bomile.


“Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.


Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na?


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite