Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:1 - IsiZulu 2020

1 “Kungani ukuba izikhathi zokwehlulela zingagcinwa nguSomandla, futhi kungani labo abamaziyo bengaziboni lezo zinsuku zakhe na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kungani ukuba uSomandla angazibekeleli izikhathi zokwahlulela, abamaziyo babone imihla yakhe, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kungani izikhathi zokubona azifihlekile kuSomandla, abamaziyo abaziboni izinsuku zakhe?

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:1
29 Referans Kwoze  

Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisileyo ngamandla akhe.


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”


Njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa; kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini.


ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.


Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Lolu lusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla; usuku lokuphindisela, nolokuziphindiselela ezitheni zakhe. Inkemba iyakudla yesuthe, iyakuzanelisa ngegazi labo, ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla inomhlatshelo enyakatho, ngasemfuleni iYufrathe.


Ingcosana iyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina nginguSimakade, ngiyokwenza sisheshe isikhathi sakho.”


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Mawuqhubeke njalo umusa wakho kulabo abakwaziyo, nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


USimakade wathi: “Ngimfihlele yini u-Abhrahama engikuhlosile na?


Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Bazalwane, mayelana nezikhathi nangemizuzu, aniswele ukulotshelwa ngakho,


Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.


Umuntu oyisikhohlakali ubinyabinyeka ebuhlungwini imihla yonke, ngayo yonke iminyaka isidlova esibekelwe yona.


Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Thula phambi kweNkosi uSimakade, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele. Phela uSimakade usewulungisile umhlatshelo, usebangcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite