Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 23:13 - IsiZulu 2020

13 “Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza.

Gade chapit la Kopi




UJobe 23:13
21 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngakho-ke nizakuthi kimi: “Kungani pho esasithola sinecala na? Ngokuba ngubani ongamelana naye na?”


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na?


noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?


Kepha lokhu ukufihlile enhliziyweni yakho, ngiyazi ukuthi lokhu ubukusophile:


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Uyakukufeza lokho angiqokele khona; nokunye okuningi okusemqondweni wakhe.


obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite