Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 23:11 - IsiZulu 2020

11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Unyawo lwami lwabambelela ezinyathelweni zakhe, ngagcina indlela yakhe futhi angiphambukanga.

Gade chapit la Kopi




UJobe 23:11
21 Referans Kwoze  

Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,


kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho, izinyawo zami azizange zishelele.


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


Lokho bekuyoba yinduduzo kimi, bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo, ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,


Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.


noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?


kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe, wasemboza ngethunzi lokufa.


Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite