Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 22:28 - IsiZulu 2020

28 Uyakunquma ukwenza okuthile, kwenzeke, ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kumelwe unqume okuthile, futhi kuyokuma kuwe, futhi ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.

Gade chapit la Kopi




UJobe 22:28
15 Referans Kwoze  

Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.”


Umusa weNkosi, uNkulunkulu wethu, mawube phezu kwethu, imisebenzi yezandla zethu ichume, yisimamise imisebenzi yezandla zethu.


Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho.


nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.”


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini; nobumnyama buyofana nokusa nje.


Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite