Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 22:25 - IsiZulu 2020

25 uSomandla uyakuba yigolide lakho nesiliva elikhazimulayo kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Yebo, uSomandla uyakuba yinqaba yakho, ube nensada yesiliva.

Gade chapit la Kopi




UJobe 22:25
13 Referans Kwoze  

Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


ulahle igolide lakho othulini, nelase-Ofiri ulitshinge phakathi kwamatshe esigodini,


Ngalokho uyothokoza ngoSomandla, ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.


noma kanye nezikhulu ezinegolide, ezazigcwalise izindlu zazo ngesiliva;


Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite