Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 22:13 - IsiZulu 2020

13 Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angehlulela yini engale kwesigayegaye na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angahlulela engale kwesigayegaye na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi nithi: UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na? angahlulela phakathi kwefu elimnyama na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 22:13
15 Referans Kwoze  

Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”


Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”


Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?”


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


Badudana ngecebo elibi, bahlele ukucupha izingibe, bethi: “Siyobonwa ngubani na?”


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’


Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,”


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.


Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na?


Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.


Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite