Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 21:26 - IsiZulu 2020

26 Bayolala phansi othulini kanyekanye, izimpethu zibemboze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Bazakulala othulini, izimpethu zibasibekele.

Gade chapit la Kopi




UJobe 21:26
12 Referans Kwoze  

Ukuphakama kwakho sekwehliselwe endaweni yabafileyo, kanjalo nomsindo wezingubhu zenu; izimpethu zendlaliwe phansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.


Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.


Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha, kodwa ayolala othulini kanye naye.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.


Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.


ngibize ingcwaba ngithi: ‘Ungubaba,’ nezimpethu: ‘Mame nodadewethu.’


Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule


Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engakaze adle okuhle.


Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite