Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 21:22 - IsiZulu 2020

22 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi, Yena owehlulela abaphakemeyo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ingabe ukhona ozofundisa uNkulunkulu ulwazi? kuyilapho Yena ehlulela labo abaphakemeyo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 21:22
23 Referans Kwoze  

Ngokuba: “Ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”


Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.


Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.


Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,


Anazi yini ukuthi siyakwehlulela ngisho nezingilosi na? Kangakanani-ke amacala alokhu kuphila na?


“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


UNkulunkulu umi emhlanganweni wonkulunkulu; uyehlulela phakathi konkulunkulu.


“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”


“UNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?


Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’


Nabangcwele bakhe akabethembi, nezulu alihlanzekile emehlweni akhe,


Bheka, akethembi ngisho izinceku zakhe, nezingelosi zakhe uzibeka icala.


Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho, lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?


Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na? Ngubani ongathi: ‘Wenze okungalungile’ na?


Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.


Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaSimakade ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani olizwile izwi lakhe, waligcina na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite