Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 21:19 - IsiZulu 2020

19 UNkulunkulu ukubekele abantwana bazo ukukhohlakala kwazo, kodwa makabuphindisele kuzo uqobo, ukuze zikwazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo; yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UNkulunkulu uyabagcinela abantwana bakhe ububi bakhe; Uyaphindisela, futhi uzokwazi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 21:19
23 Referans Kwoze  

Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?


“Ngalezo zinsuku abasayikusho futhi ukuthi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana babo aba buthuntu.’


Lungisani indawo yokubulalela abantwana bakhe, ngenxa yenkohlakalo yokhokho babo. Mabangaphinde bavuke, ukuba badle ifa lomhlaba, bagcwalise izwe ngemizi.


Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe;


U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


“Uma le ndoda izala indodana bese ibona konke okubi okwenziwa nguyise, kodwa ingakwenzi lokho:


Iyokuphindisela okubi okwenziwe yizitha zami; zibhubhise ngeqiniso lakho.


Lokho akugciniwe yini kimi, kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


ulahle igolide lakho othulini, nelase-Ofiri ulitshinge phakathi kwamatshe esigodini,


Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”


Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”


‘USimakade uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, nokho akayeki angamjezisi onecala, uhambela ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sesizukulwaneni sesithathu nesesine.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite