Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 20:7 - IsiZulu 2020

7 uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe; abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa uyabhubha kuze kube phakade njengamalongwe akhe; abambonileyo bayothi: Uphi na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 20:7
16 Referans Kwoze  

ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba emhlabathini.


Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?


Isidumbu sikaJezebheli siyokuba njengomquba phezu komhlabathi, esiqintini sezwe eJizreyeli, ukuze kungabi bikho muntu oyakuthi: ‘Nangu uJezebheli.’ ”


Ngakho-ke ngizokwehlisela indlu kaJerobhowamu okubi, ngibhubhise kuJerobhowamu bonke abesilisa kwa-Israyeli, abancane nabadala; indlu kaJerobhowamu ngiyikhukhulise okobulongwe, ize iphele nya.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Uma ebhujiswa endaweni yakhe, iyakumphika ithi: ‘Angikaze ngikubone.’


Akasayukubuyela endlini yakhe, indawo yakhe ayisayukumazi.


Kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa bayagxotshwa, bayabhubha kuze kube phakade kungekho nonake utho ngabo.


Uyamehlula kuze kube phakade, ahambe, uyabuguqula ubuso bakhe, umhambise.


Ulala eyisigwili, kodwa ngeke esakwenza lokho, uyothi evula amehlo akhe ube ungasekho umcebo.


Uyakubafuna, kodwa awuyukubafumana; labo bantu abaxabana nawe, abalwa nawe, bayakuba njengento engelutho, nanjengeze.


Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’


Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite