Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 20:28 - IsiZulu 2020

28 Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Izithelo zendlu yakhe ziyakumuka, nempahla yakhe iyakugobhoza ngosuku lolaka lwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 20:28
14 Referans Kwoze  

Ngokuba ngehora linye vo, ingcebo engaka isishabalalisiwe.’ “Bonke abashayeli bemikhumbi, bonke abaya noma kuphi ngomkhumbi, amatilosi, nabo bonke abasebenza olwandle bamela kude,


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


bokuthi omubi uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele, nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?


Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu, izandla zabo ziwubuyisele kubo umcebo wakhe.


Isivuno sabo sidliwa ngabalambileyo, basikhipha ngisho emeveni, nabanxaniwe balangazelela ingcebo yabo.


nakanjani izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho okhokho bakho abakubekelela khona kuze kube namuhla, kuyakuthathwa, kuyiswe eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade.


Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.


Umcebo awugwinyile, uyobuye awuhlanze, nguNkulunkulu oyakuwukhipha esiswini sakhe.


lokho kungumlilo oqothula kuze kube sekubhujisweni, uyosiphula yonke inzuzo yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite