Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 20:18 - IsiZulu 2020

18 Ubuyisa konke akukhandlekelayo, engakakugwinyi, akayukujabula ngempahla ayitholileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi; ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Lokho akusebenzile, uyokubuyisela, angakugwinyi; ngokwentando yakhe ukuphindisela, futhi ngeke ajabule ngakho.

Gade chapit la Kopi




UJobe 20:18
25 Referans Kwoze  

Ngiyakujezisa uBheli eBhabhele, ngikukhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo; izizwe azisayukugobhozela kuye, ugange lwaseBhabhele luyakuwa.


“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,


Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila.


Umcebo awugwinyile, uyobuye awuhlanze, nguNkulunkulu oyakuwukhipha esiswini sakhe.


Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu, izandla zabo ziwubuyisele kubo umcebo wakhe.


Baholi abayizimpumputhe, nikhetha impukane kwenikuphuzayo, kodwa ningwinye ikameli.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


“Uma ngithokozile ngengozi eyehlele ongizondayo, ngatshakadula ngenxa yokuba ehlelwe ngokubi,


uma ngathokoziswa ngukuba nengcebo enkulu nangukuthi isandla sami siyizuzile;


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,


Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.


Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”


uyakukwenza lokho, kodwa ziyokwembathwa ngolungileyo, ongenacala ehlukanise isiliva.


mangitshale, kudle omunye, impela mazisishulwe izithelo zami.


Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.


“Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.


Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite