Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:9 - IsiZulu 2020

9 Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Umkakhe wasesithi kuye: Usagcina ubuqotho bakho yini? thuka uNkulunkulu, ufe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:9
13 Referans Kwoze  

Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.”


Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”


Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


Kuthe esemdala uSolomoni, bayiphambukisa omkakhe inhliziyo yakhe walandela abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe ayibange isanamathela kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kayise uDavide.


Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”


Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.


UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni.


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Wakhala phambi kwakhe kwaze kwaphela izinsuku eziyisikhombisa zedili labo, kodwa ngenxa yokuba wayelokhu embelesele, ngosuku lwesikhombisa uSamsoni wamtshela. Wayesebachazela abakubo imfumbe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite