Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:8 - IsiZulu 2020

8 UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wasethatha isitsha sobumba ukuze azinwaye ngaso; wahlala phansi emlotheni.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:8
14 Referans Kwoze  

ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”


Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni.


bezwakalise izwi labo kuwe, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


“Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini, yayenziwe eThire naseSidoni, ngabe kudala yambatha isaka, yazithela ngomlotha, yaphenduka.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Ukhalo lwami luyaqaqamba, akukho mpilo emzimbeni wami.


Izilonda zami zichicha ubomvu, ziyanuka, ngenxa yobuwula bami.


UThamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala ayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wahamba elokhu ekhala.


Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.


Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite