Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:5 - IsiZulu 2020

5 Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte emathanjeni akhe nasenyameni yakhe, uyakukuthuka ebusweni bakho.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:5
16 Referans Kwoze  

Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”


Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


Uyokhuluma nabantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo oyakuthuka uNkulunkulu wakhe uyakujeziswa ngenxa yesono sakhe.


Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu.


Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela.


Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akumina yini owayaleza ukuba kubalwe abantu na? Yimi engonileyo, ngenze okubi kakhulu, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Simakade Nkulunkulu wami, masijezise mina nendlu kababa, hhayi laba bantu bakho obashaya ngobhubhane.”


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku.


Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”


abantu abahlala njalo bengichukuluza, bengikhomba, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini;


USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.” USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite