Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:13 - IsiZulu 2020

13 Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bahlala phansi naye izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akwabakho owakhuluma naye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:13
12 Referans Kwoze  

Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


Ngafika ngaseTheli Avivi, kubathunjwa ababehlala ngasemfuleni iKhebhari. Ngahlala phakathi kwabo, ngahlala izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.


Uzibambile izinkophe zami, amehlo ami awavaleki. Ngikhathazekile, akusakhulumeki.


“Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, uzokhathazeka yini na? Ngubani ongazibamba angasho lutho na?


UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.


UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.


Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.


“Yehla, uhlale othulini, ntombi eyindodakazi yaseBhabhele. Hlala phansi emhlabathini ngaphandle kwesihlalo sobukhosi, ndodakazi yamaKhaledi! Ngokuba awusayukuphinde ubizwe ngothambileyo nontengantengayo.


Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe.


Izimpunga zendodakazi iZiyoni zihleli phansi emhlabathini, zithule du; zizithele ngothuli emakhanda, zibhince namasaka. Izintombi zaseJerusalema zigebisele amakhanda emhlabathini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite