Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:12 - IsiZulu 2020

12 Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:12
17 Referans Kwoze  

bezwakalise izwi labo kuwe, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


Izimpunga zendodakazi iZiyoni zihleli phansi emhlabathini, zithule du; zizithele ngothuli emakhanda, zibhince namasaka. Izintombi zaseJerusalema zigebisele amakhanda emhlabathini.


Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


“Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe!


Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe.


Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.


Kwathi lapho eqeda nje ukukhuluma, kwafika amadodana enkosi; adazuluka, akhala, inkosi nazo zonke izinceku zayo bakhala kakhulu.


UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila.


Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.


Lapho u-Esawu ezwa lawo mazwi kayise wadazuluka wakhala kalusizi, wathi kuyise: “Ngibusise nami baba!”


Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite