Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:1 - IsiZulu 2020

1 Ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu, azibonakalisa phambi kukaSimakade; noSathane wafika wema kanye nawo phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu, ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana kaNkulunkulu efika ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo ukuba ame phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:1
9 Referans Kwoze  

Langa limbe, amadodana kaNkulunkulu eza azibonakalisa phambi kukaSimakade, noSathane wafika waba mdibi munye nawo.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


“Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni.


UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ekuzulazuleni emhlabeni ngehla ngenyuka kuwo.”


USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”


lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite