Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 19:8 - IsiZulu 2020

8 Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uyibiyile indlela yami ukuze ngingadluli, ubeke ubumnyama emikhondweni yami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 19:8
16 Referans Kwoze  

Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na?


Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo.


Izindlela zami uzibiyele ngomthangala wamatshe, indlela yami wayigwegwisa.


Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.


Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


“Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.


Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.


Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Angibhujiswanga phambi kwesigayegaye, nakuba okumnyama kungisibekele.”


Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima.


Ngalokho ukwehlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; silindela ukukhanya simagange, kodwa sibona ubumnyama; silindela ukukhanya, kodwa sidukuza ebumnyameni.


Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite