Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 18:17 - IsiZulu 2020

17 Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni, kungabi bikho okhumbula igama laso emigwaqweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni, angabi negama ezweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Inkumbulo yakhe iyoshabalala emhlabeni, futhi ngeke abe negama ezitaladini.

Gade chapit la Kopi




UJobe 18:17
13 Referans Kwoze  

Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


Kepha izikhohlakali ziyakunqunywa ezweni, nabangethembekile bayosishulwa kulo.


Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”


Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha, nezivikelo zenu ziyizivikelo zobumba.


Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.


Mabahlale bephambi kukaSimakade njalo, ukuze akuqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.


Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo.


Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”


Awusoze wahlangana nabo egodini, ngokuba waba yimbangela yencithakalo ezweni lakini; wabulala abantu bakini. Sengathi izizukulwane zezikhohlakali zingebe zisaphathwa naphakade.


Abafileyo abasaphili, imimoya yabo ayiyukuvuka; yingakho-ke wabajezisa, wababhubhisa, wenza ukuba bangabe besakhunjulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite