Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 17:9 - IsiZulu 2020

9 Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.

Gade chapit la Kopi




UJobe 17:9
26 Referans Kwoze  

Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Umuntu ongemsulwa uyakumhlenga naye, uyakumhlenga ngobumsulwa bezandla zakho.”


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.


Akashongo yini kimi wathi: ‘Ungudadewethu’ na? Naye luqobo uthe: ‘Ungumfowethu.’ Mina-ke ngikwenze lokhu ngenhliziyo emsulwa nangezandla ezingenacala.”


Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile, nezandla zami ngazihlamba ngingenacala,


Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Babona abanye babafundi bakhe bedla izinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingageziwe.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,


Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.


Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.


Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami.


Uthi: ‘Ngimsulwa, anginasiphambeko, ngilungile, akukho okubi kimi.


Olungileyo uyokwenzenjani, lapho zibhujiswa izisekelo zomhlaba,” na?


Simakade Nkulunkulu Wamabandla, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela


Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Olungileyo akayukuzanyazanyiswa kuze kube phakade, kepha izikhohlakali aziyukuhlala ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite