Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 15:30 - IsiZulu 2020

30 Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Akayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyakushisa amagatsha akhe, amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.

Gade chapit la Kopi




UJobe 15:30
25 Referans Kwoze  

Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.


Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo wakhe wonke, umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula, okuseleyo ethendeni lakhe kushe kungqongqe.


Akethembi ukuthi uyobuya ebumnyameni, ulindelwe yinkemba.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


‘Impela ababemelene nathi sebebhujisiwe, nabakushiyileyo kuqothulwe ngumlilo.’


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.


Uhamba ezulazula, efuna ukudla, athi: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusesandleni sakhe.


Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.


Kuyokoma izimpande zaso phansi, phezulu kubune amagatsha aso.


lokho kungumlilo oqothula kuze kube sekubhujisweni, uyosiphula yonke inzuzo yami.


Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite