Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 14:14 - IsiZulu 2020

14 Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uma umuntu efa, uyobuye aphile? zonke izinsuku zesikhathi sami esimisiwe ngiyakulinda kuze kufike ukuguqulwa kwami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 14:14
24 Referans Kwoze  

Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na?


“Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?


Nolwandle lwakhipha abafileyo abakulo, ukufa neHayidesi nakho kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa, kwaba yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.


NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.


Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.


Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.


Uyakungibiza, ngisabele, uyakuwulangazelela umsebenzi wezandla zakho,


Wayesethi uBharizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuphila kwami ukuba ngingenyukela eJerusalema nenkosi na?


uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’


Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.


Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite