Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 13:14 - IsiZulu 2020

14 Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni, ngibeka impilo yami ezandleni zami na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngithathelani inyama yami ngamazinyo ami, nginikele ukuphila kwami esandleni sami, na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 13:14
8 Referans Kwoze  

Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Isiwula sisonga izandla zaso, sidle inyama yaso.


Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho, umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?


Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo, badakwe yigazi labo kube ngathi bekuyiwayini elimnandi; abantu bonke bayokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, uMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite