Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:9 - IsiZulu 2020

9 Ngubani phakathi kwabo bonke laba, ongazi ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaSimakade sikwenzile lokhu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngubani ongazi kuzo zonke lezi zinto ukuthi isandla sikaJehova sizenzile na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:9
14 Referans Kwoze  

ukuze babone futhi bazi, baqaphele, babe nokuqonda ukuthi yisandla sikaSimakade esenze lokho, nokuthi ngoNgcwele ka-Israyeli okudalile.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


Kepha nami nginengqondo njengani, aningedluli ngalutho. Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?


Kepha nguye owagcwalisa izindlu zazo ngokuhle. Amasu ezikhohlakali akude nami.


Khuluma kuwo umhlaba, ukuze ukufundise, nasezinhlanzini zolwandle ukuze zikulandise.


“Bheka, iso lami likubone konke, nendlebe yami yezwa, yaqonda.


UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite