Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:4 - IsiZulu 2020

4 Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:4
26 Referans Kwoze  

Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


“Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami.


Ngibekezeleleni, ngizakukhuluma, ningangiklolodela-ke lapho sengiqedile ukukhuluma.


Ungenze isiga ebantwini, nokhafulelwa ebusweni.


Impela kukhona abangiklolodelayo eduze kwami, neso lami lihleli ekungichukuluzeni kwabo.


Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona.


eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


Mina ngiyakubheka uSimakade, ngilindele uNkulunkulu oyakungisindisa; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Njengabantelayo abangakholwa, bangigedlela amazinyo.


Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


Ukuqavitha kwakho kufanele kubathulise yini abantu na? Nalapho ukloloda, akekho yini ongakuthela ngehlazo na?


Ake niphenduke, kungabi bikho owenza ukungalungi. Phendukani, indaba yami ilungile.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Ngimsulwa, kodwa angizazi, ngiyakuzonda ukuphila kwami.


Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.


Bhekani-ke, sengizilungiselele ukwethula udaba lwami, futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.


“Manje sengiphenduke ingoma yabo yokubhinqa, impela sengiyisaga sabo.


Ngumuphi umuntu onjengoJobe, ophuza ukungcofwa njengamanzi,


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite