Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:15 - IsiZulu 2020

15 Uyawavimba amanzi, ashe, awathumele agumbuqele umhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bheka, uyawavimba amanzi, awomise; Futhi uyabathuma, futhi bawuchitha umhlaba.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:15
18 Referans Kwoze  

U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.


Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke.


Ukhuza ulwandle, alomise, nemifula yonke ayishise, iBhashani neKharimeli kuyabuna, kuntshwame nezimbali eLebhanoni.


lowo owenza isilimela nomthala, oguqula ubumnyama bube yintathakusa, aphendule ubusuku bube yimini, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, igama lakhe nguSimakade,


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.


Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.


Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.


Ngesikhathi enika umoya isisindo sawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso zawo,


Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite