Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:13 - IsiZulu 2020

13 “Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kuye kukhona ukuhlakanipha namandla, uneseluleko nokuqondisisa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:13
23 Referans Kwoze  

“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami.


okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.


UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.


asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.


Ngokuba: “Ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, onika ukuqonda enhliziyweni na?


Amandla nokuhlakanipha okungqokolo kungokwakhe, oduka endleleni nalowo omdukisayo bangabakhe.


Unyakazise ulwandle ngamandla akhe; ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.


Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele, kalibuyiseli emuva izwi lakhe, kodwa uyomelana nendlu yababi, nosizo lwabenza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite