Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 11:2 - IsiZulu 2020

2 “Ngabe awayukuphendulwa yini amazwi amaningi kangaka na? Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ubuningi bamazwi abunakuphendulwa na? Umuntu okhulumayo angalungisiswa na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 11:2
11 Referans Kwoze  

Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.


“Uyokuyeka nini lokhu kukhuluma na? Ake ucabangisise, bese siyakhuluma.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Kepha abathile kubo, osonjulalwazi bama-Ephikhuru nabamaStoyikhu, baphikisana naye, abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Sengathi lishumayela ngonkulunkulu abangaziwa,” ngenxa yokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.


Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe.


Awukho yini umkhawulo emazwini ayize na? Ucunulwa yini ukuze ungiphendule na?


“Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?


Wayesethatha uZofari waseNahama, wathi:


“Ohlakaniphileyo uyakuphendula yini ngolwazi olungathi shu, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga na?


Ngokuba iphupho livela nemisebenzi eminingi; nezwi lesiwula linamagama amaningi.


Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite