Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:9 - IsiZulu 2020

9 USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngabe uJobe umesaba uNkulunkulu kungenasizathu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 USathane wamphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:9
9 Referans Kwoze  

Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite