Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:8 - IsiZulu 2020

8 USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wayesethi kuSathane: “Ingabe uyiqaphele inceku yami uJobe ukuthi akakho ofana naye emhlabeni, umuntu oqotho noqotho, owesaba uNkulunkulu futhi ogwema okubi?

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:8
29 Referans Kwoze  

Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


“Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici, akayukuzibamba izandla zabenza okubi,


Kwakungakaze kube khona nkosi enjengaye ngaphambi kwakhe, eyaphendukela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yayo, nangawo wonke umphefumulo wayo, nangawo wonke amandla ayo nanjengakho konke okwakushiwo ngumthetho kaMose, ngisho nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Ngangingenasici phambi kwakhe, ngaziqhelelanisa nesono.


Uma ebeyakuzibheka Yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,


Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”


Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.


Isiphambeko sithi komubi, ekujuleni kwenhliziyo yaso: “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.”


Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.


Ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu, azibonakalisa phambi kukaSimakade; noSathane wafika wema kanye nawo phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite