Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:3 - IsiZulu 2020

3 Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:3
34 Referans Kwoze  

Ukuba ngangikhethe izindlela zabo, ngangizohlala ngingumholi, nginjengenkosi phakathi kwamabutho, njengoduduza abalilayo.”


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Ngokuba njalo lapho abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani nama-Amaleki nezinye izizwe zasempumalanga babekhuphuka, babahlasele.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.


Wathatha umkakhe uSarayi, noLothi indodana yomfowabo, nayo yonke impahla ababenayo, nezinceku ababezitholile eHarana, babhekisa amabombo eKhanani. Sebefikile eKhanani,


UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.


Izwe ababehlezi kulo lalingasabenele, ngoba imfuyo yabo yabe seyande kakhulu kangangokuthi babengeke besakwazi ukuhlala ndawonye.


Wazakhela imizi, waba nemfuyo, izimvu nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000.


Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.


Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.


Uma sibavumela, imihlambi yabo, impahla yabo, nayo yonke imfuyo yabo, akuyukuba ngokwethu na?”


kodwa amadodana ezancinza zakhe, u-Abhrahama wawanika izipho esaphila, wayeseyawaqhelisa endodaneni yakhe u-Isaka, aya ngasempumalanga, empumalanga.


Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.


AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.


UDavide walibhubhisa izwe, akaze ashiya muntu ophilayo, owesilisa nowesifazene, wathatha izimvu, izinkabi, izimbongolo, amakameli nezingubo, waya ku-Akhishi.


Amadodana ayo ayevame ukuhamba enze idili endlini yaleyo naleyo ndodana, ngosuku lwayo. Ayethumela, ameme odadewabo abathathu ukuze badle, baphuze ndawonye.


Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’


uma ngathokoziswa ngukuba nengcebo enkulu nangukuthi isandla sami siyizuzile;


ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengenkosi.


USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.


Mayelana neKhedari, nangemibuso yaseHazori, eyayinqotshwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele. Usho kanje uSimakade, uthi: “Khuphukelani eKhedari, nibhubhise abantu basempumalanga.


USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.


izimbuzikazi ezingama-200, nezimpongo ezingama-20, izimvukazi ezingama-200, nezinqama ezingama-20,


Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,


UMenahemu wakhokhisa u-Israyeli nabo bonke abantu ababecebile, imali, umuntu ngamunye wayekhipha amashekeli angama-50 ukuze awanike inkosi yase-Asiriya. Inkosi yase-Asiriya yayisibuyela kwelakubo, ayabe isahlala ezweni.


U-Obhili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakameli; uJehedeya, umMeronothi, ephethe izimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite