Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:18 - IsiZulu 2020

18 Sisakhuluma naleso kwafika esinye, sathi: “Amadodana namadodakazi akho abedla, ephuza iwayini endlini yendodana yakho endala,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho adle, anatha iwayini endlini yomfowabo omkhulu.”

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:18
17 Referans Kwoze  

Amadodana ayo ayevame ukuhamba enze idili endlini yaleyo naleyo ndodana, ngosuku lwayo. Ayethumela, ameme odadewabo abathathu ukuze badle, baphuze ndawonye.


Kwathi ngolunye usuku, lapho amadodana namadodakazi kaJobe edla, ephuza iwayini endlini yezibulo lakhe,


Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.


Isigijimi siyagijma, sihlangane nesinye, nesithunywa silandela esinye ukuyobikela inkosi yaseBhabhele, ukuthi umuzi wayo usudliwe nxazonke.


Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.


Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.


Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; nabozalo lwakhe abayukusutha ngukudla.


“Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.


Ungishaya ephindelela, ungidumela njengeqhawe.


Uma abantwana bakho bonile kuye, wabanikela emandleni eziphambeko zabo.


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite