Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:16 - IsiZulu 2020

16 Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:16
13 Referans Kwoze  

Kepha wabaphendula wathi: “Uma ngiyindoda kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini uniqothule, wena nalaba abangama-50.” Umlilo kaNkulunkulu wehla ezulwini wayiqothula nabangama-50 eyayinabo.


USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Senza izibonakaliso ezinkulu, ngisho nokwehlisa umlilo ezulwini wehlele emhlabeni phambi kwabantu.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.


Kepha u-Eliya wayiphendula induna yabangama-50, wathi: “Uma ngiyindoda kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini uniqothule, wena nalaba abangama-50.” Umlilo wehla uvela ezulwini wayiqothula nabangama-50 eyayinabo.


Umlilo kaSimakade wehla, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, waze wakhotha namanzi ayesemseleni.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Bheka, kwehle umlilo uvela ezulwini, waqothula izinduna ezimbili zokuqala zabangama-50, kodwa manje ngiyakunxusa, impilo yami mayibe yigugu emehlweni akho.”


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.


Khulekani kuSimakade; sekwanele lokhu kuduma kukaNkulunkulu okungaka nesichotho. Ngizonivumela nihambe, ningabe nisachitha sikhathi lapha.”


Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite