Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:1 - IsiZulu 2020

1 Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwakukhona umuntu ezweni lakithi ogama lakhe linguJobe; futhi lowo muntu wayephelele futhi elungile, futhi wayemesaba uNkulunkulu futhi ebalekela okubi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:1
34 Referans Kwoze  

Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


noma ngabe bekungaba khona uNowa, uDaniyeli, noJobe kulo, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, bebengeke bakwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bebeyosindisa impilo yabo kuphela, ngenxa yokulunga kwabo.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”


USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele,


nabo bonke abantu bezinye izizwe, wonke amakhosi ase-Uzi, wonke amakhosi asezweni lamaFilisti, e-Ashikeloni, eGaza, e-Ekhroni nensali ese-Ashidodi


Amadodana ka-Ezeri: uBhilihani, uZahawana noJahakhani. Amadodana kaDishani: u-Uze no-Arana.


Amadodana kaShemi: ngu-Elamu, u-Ashuri, u-Ariphakishade, uLude, u-Aramu, u-Uze, uHule, uGetheri noMeshekhe.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Amadodana kaDishani kwakungu-Uzi no-Arani.


Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uzi, uHulu, uGetheri, noMashe.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


Mawungabi nacala kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Ukwesaba kwakho uNkulunkulu akusilo yini ithemba lakho, nokwethembeka kwezindlela zakho, akusiso yini isisekelo sakho na?


Ngimsulwa, kodwa angizazi, ngiyakuzonda ukuphila kwami.


Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.


Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite