Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:7 - IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye; ngoba ngiyakwenzani ngendodakazi yabantu bami?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:7
22 Referans Kwoze  

Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe, ngicwengisise wonke amanyela akho, ngisuse konke ukungcola kwakho.


Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga.


“Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, ukuze uqaphe, futhi uhlole inkambo yabo.


Bheka, ngikucwengisisile, kodwa hhayi njengesiliva; ngakuvivinya esithandweni sezinhlupheko.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


USimakade uNkulunkulu wokhokho babo wathumela izithunywa zakhe ephindelela, ngokuba wayenozwelo ngabantu bakhe nangendawo ahlala kuyo.


U-Absalomu wayesethi: “Uma kunjalo, u-Amnoni, umfowethu, makahambe nathi.”


Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle avuthayo omtholo.


Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite