Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:5 - IsiZulu 2020

5 Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe, abakhulumi iqiniso; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga, bazikhathaza ngokwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi bayakukhohlisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, bangakhulumi iqiniso;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:5
32 Referans Kwoze  

Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla, ukuthi abantu bakhandleke ukuze banelise umlilo, nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


wakhathala ngenxa yobude bendlela, kodwa awuzange uthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.


Ngokuba iziphambeko zakho zifundisa umlomo wakho; ukhetha ukukhuluma kwamaqili.


ngenxa yobumbulu babaqambimanga, abashiswe uphawu kunembeza wabo.


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


“Bantu bami, ngenzeni kinina na? Nginikhathaze ngani na? Ngiphenduleni.


Lizikhathazele ize, nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphelanga kulo; ukugqwala kwalo makube semlilweni.’ ”


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Maye kulabo abadonsa ukona ngezintambo zamanga, nezono kungathi ngamagoda ezinqola,


Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi; bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;


Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,


Umlomo wakho uwuyekela ebubini, ulimi lwakho lubopha inkohliso.


Sinemihelo ngobubi; sikhulelwe ububi, sizala amanga.


Ukuqavitha kwakho kufanele kubathulise yini abantu na? Nalapho ukloloda, akekho yini ongakuthela ngehlazo na?


Abesilisa abasha nabadala ababengaphandle kwendlu kaLothi bashaywa ngobumpumputhe, bawufuna umnyango baze badikibala.


uthanda okubi kunokuhle, amanga kunokulungileyo. Sela


Uyothi kubo: ‘Lesi yisizwe esingazange sililalele izwi likaSimakade uNkulunkulu waso, esingakwemukelanga ukuqondiswa; iqiniso lishabalele, lisusiwe emlonyeni waso.


Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBhabhele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, amasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo. Abantu bakhandlekela ize, nomshikashika wezizwe uzophelela emlilweni.”


uthi: ‘IBhabhele liyakushona kanjalo-ke, lingabe lisavuka ngenxa yenhlekelele engiyoyehlisela kulo. Abantu bakhona bayakuphelelwa ngamandla.’ ” Aphela lapha amazwi kaJeremiya.


“Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?


Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Amacebo abalungileyo angubulungiswa, kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite